IKhomishini Yemisebenzi Kahulumeni The Public Service Commission PSC iyisikhungo somphakathi esizimele nesizicabangela ngokwaso, esakhiwe ngokweSigaba 196 soMthethosisekelo weRiphablikhi yaseNingizimu Afrika, 1996. I-PSC inikezwe umsebenzi kanye namandla, kokunye, okuphenya, okuqapha kanye nokuhlola inhlangano kanye nokuphatha imisebenzi kaHulumeni. Leli gunya libandakanya ukuhlolwa kwempumelelo, noma ukungabi bikho kwezinhlelo zikaHulumeni. Okuxhunywe kula mandla ashiwo ngenhla, i-PSC inesibopho sokukhuthaza izindlela zokuqinisekisa ukusebenza ngempumelelo nakahle kweMisebenzi kaHulumeni kanye nokukhuthaza amagugu kanye nemigomo yokuphathwa komphakathi njengoba kubekwe kuMthethosisekelo kuyona yonke Imisebenzi kaHulumeni.
IKhomishini ithola igunya layo kusigaba 195 no-196 soMthethosisekelo, 1996. Isigaba 195 sibeka amagugu kanye nemigomo ebusa ukuphathwa komphakathi okufanele ikhuthazwe iKhomishini.
Izinga eliphezulu lokuziphatha okuhle ngokomsebenzi.
Ukuphathwa komphakathi okusekelwe entuthukweni.
Imisebenzi kufanele inikezwe ngokungabandlululi, ngobuqotho, ngokulingana kanye nokungenzeleli.
Kufanele kuphendulwe ezidingweni zabantu, futhi umphakathi kufanele ukhuthazwe ukuzibandakanya ekwenziweni kwenqubomgomo.
Kufanele kuphendulwe ngokuphathwa komphakathi.
Ukwenzela izinto obala.
Ukutshalwa kokuphathwa kwabantu okuhle kanye nemisebenzi yokuthuthukisa imisebenzi.
Ukuphathwa komphakathi okumele wonke umuntu okunomsebenzi wokuqasha kanye nokuphatha abasebenzi ngokwamakhono, ukucabanga okuzimele, ubuqotho, kanye nokubuyisela esimeni esilungile ukungalingani kwesikhathi esedlule.
Ukukhuthaza amagugu kanye nemigomo yokuphathwa komphakathi eshiwo esigabeni 195 soMthethosisekelo, 1996 eMisebenzini kaHulumeni yonke.
Ukuphenya, ukuqapha kanye nokuhlola inhlangano, ukuphatha kanye nokusebenza kwabasebenzi beMisebenzi kaHulumeni, ikakhulukazi ukubambelela kumagugu nasemigomeni eshiwo kusigaba 195, kanjalo nasezinqubeni zemisebenzi kaHulumeni.
Ukululeka izingxenye zikahulumeni kuzwelonke nasezifundazweni maqondana nemisebenzi yabasebenzi.
Ukubika ekutholile kanye nezincomo okungenani kanye ngonyaka kuSishayamthetho sikaZwelonke noma kuzishayamthetho zezifundazwe njengoba kwenzeka.
Ukubika izindaba ezikhathazayo zomsebenzi eziphuthumayo kuziphathimandla ezifanele eziphethe.
Ukuphenya izikhalazo zabasebenzi bese wenza iziphakamiso zamakhambi afanele.
Ukwenza ngcono ukuphatha kanye nokwenziwa komsebenzi.
IKhomishini yakhiwa ngokwesigaba 196 soMthethosisekelo weRiphablikhi yaseNingizimu Afrika, 1996. Umthethosisekelo ufuna iKhomishini Yemisebenzi kaHulumeni eyodwa eNingizimu afrika enamalungu ayishumi nane, abahlanu kuwo abakhethwe ngumongameli ngesiphakamiso seSishayamthetho sikaZwelonke, kanti ilungu elilodwa lesifundazwe ngasinye liqokwe uNdunankulu Wesifunda. IKhomishini iyaziphendulela kuSishayamthetho sikaZwelonke okufanele ibike kuso okungenani kanye ngonyaka. Kufanele futhi ibike ngemisebenzi yaso ezifundazweni kuziShayamthetho zeziFundazwe.
Ngokuvumelana noMthethosisekelo njengoba kushiwo ngenhla, i-PSC inoKhomishani abayi-14: OKhimishani aba-5 abasePitoli kanye noyedwa esifundazweni ngasinye. I-PSC yesekwe yiHhovisi leKhomishini kaHulumeni, eliphethwe nguMqondisi Jikelele, (ongumsebenzi Wokubheka Amabhuku ezimali), nehhovisi layo eliyinhloko ePitoli kanye nehhovisi lesifunda elilodwa esifundazweni ngasinye. La mahhovisi asebenza njengesizinda soKhomishani abasezifundazweni futhi aphethwe Abaqondisi bezifunda, ngokusizwa abasebenzi abambalwa. Amaqhaza athize kanye nemisebenzi ebalulekile yashiwo kumahhovisi ezifunda.
Amalungu eKhomishini aqokwa ngumongameli, kusukela ngomhla ka-1 Januwari 1999. Kodwa-ke ukuqala kweKhomishini imisebenzi esemthethweni kwephuza kwaze kwaqala ngoJulayi 1999 ngenxa yobunzima bemithetho kwezinye izinto zoMthetho Ochitshiyelwe zeMithetho Yemisebenzi kaHulumeni, 1997.
Ngomhla ka-1 Julayi 1999, uMthetho Ochitshiyelwe weMithetho Yemisebenzi kaHulumeni, 1997 kanye nesigaba somthetho weKhomishini Yemisebenzi kaHulumeni, 1997, kanye nokuqedwa kweKhomishini yoMthetho Wokuphatha, 1984, kwaqala ukusebenza, okwenza ukuthi iKhomishini isebenze ngokugcwele.
NoKhomishani Mgijima wangena esikhundleni sikaKhomishani Vusi Mavuso owesula esikhundleni sakhe..
Isakhiwo senhlangano ye-PSC sakhiwe salandela izinhloso zesu laso kwase kulandela imikhakha yaso yokusebenza.
Umsebenzi wekhomishani uhlelwe emikhakheni yawo eyisithupha yokusebenza kanye nomkhakha okugxilwe kuwo ombili wokwengeza njengoba kushiwo ephuzwini 1 ngenhla.
Ukuphatha - kubhekela ukuphatha jikelele kanye nokwezezimali; ukuphatha abasebenzi kanye nokunikezela ngezinto kubasebenzi; kanye nokunikezela ngemisebenzi yomthetho kanye nolunye usizo lokweseka olusetshenziswa ukwakha inqubomgomo.
Igatsha: Ukuphathwa Kwabantu Emsebenzini kanye nobudlelwane Emsebenzini - Leli gatsha lenza ukuthi iKhomishini yenze imisebenzi yayo maqondana nokuphathwa kwabantu emsebenzini; ukuqapha ubudlelwane emsebenzini; kanye nemithetho yemisebenzi ngempumelelo.
Igatsha: Ukubusa Okuhle kanye noKwenziwa Komsebenzi - Leli gatsha lisebenzisa igunya leKhomishini ngokuphatha kokuqapha kanye nokuhlola; ukwenza ngcono ekwenziweni komsebenzi; ukuziphatha kahle ngokomsebenzi kubasebenzi bakahulumeni kanye namasu okubhekela izingozi emisebenzini kaHulumeni.
Ikhomishini Yemisebenzi Kahulumeni: Amaphepha ethulwa oKhomishani kanye namarekhodi emihlangano yokufundisana kanye nezingqungquthela abaye kuzo.
Amaminithi ayo yonke imihlangano yabaphathi.
Imibhalo yamathenda evela kubanikezeli bempahla.
Izivumelwano nabanikezeli bempahla.
nokuphenya izikhalazo kanye nokukhononda ezifakwe abasebenzi bakahulumeni kanye nezincomo zokulungisa okufanele eminyangweni kazwelonke kanye nezifundazwe.
nokuphenya ukukhononda okuphathelene nezicelo ezifakwe abasebenzi kanye nokuphathwa komphakathi.
Nocwaningo ngezindaba eziphathelene nomsebenzi wabasebenzi abangabantu ozwakalayo eMisebenzini Kahulumeni.
nokuphenya, nokuqapha kanye nokuhlolwa kwezinqubomgomo nemisebenzi yabantu.
nokuqapha kanye nokuhlolwa kwezimo zokusebenza kanye nokuphathwa kokwenza umsebenzi kweziNhloko zoMnyango.
njengokuqapha kanye nokwazisa ngokungqubuzana kothando lomsebenzi kubaphathi kanye nokunakekela uhlaka lokudalula ezezimali; kanye nokukhuthaza kanye nokuhlola ukusebenza okungcono kunakho konke ekubhekeleni izingozi.
nokulwa nenkohlakalo eMisebenzini kaHulumeni ngokusebenzisa uphenyo olukhethiwe; kanye nokufaka isandla ekulweni nenkohlakalo kuzwelonke.
Ukwenziwa ngcono Kokuphatha kanye Nokwenziwa Komsebenzi: izindaba eziphathelene nokuphenya, nokuqapha kanye nokuhlola imisebenzi yokuphatha kanye nokwenziwa komsebenzi eMisebenzini kaHulumeni.
ukukhuthazwa kokusetshenziswa kwezinsizasidingo kahle, ngokonga nangempumelelo; kanye nokubambelela ezinqubeni ezisebenzisekayo eMisebenzini Yomphakathi.
Nocwaningo ngezindaba eziphathelene nomsebenzi ozwakalayo wabasebenzi abangabantu eMisebenzini kaHulumeni.
Akukho saziso esesike sashicilelwa maqondana nezigaba zamarekhodi e-PSC/OPSC, atholakalayo ngaphandle kokuthi umuntu afake isicelo sokuwathola ngokwenqubo YoMthetho Wokukhuthaza Ukutholakala Kolwazi. Nakuba kunjalo, yonke imibiko eshicilelwe neyethulwe ePhalamende, kanjalo namarekhodi akuwebhsayithi ye-PSC, www.psc.gov.za, ayatholakala ukuthi uwabheke noma uwadlulisele kukhompyutha ngaphandle kokwenza isicelo ngokomthetho oshiwo.
ocelayo uhlangabezana nazo zonke izidingo zenqubo eziseMthethweni eziqondene nesicelo sokuthola lelo rekhodi; futhi nokuthola lelo rekhodi akwaliwe ngenxa yokwenqatshelwa okushiwo eMthethweni.
Umuntu ocelayo kufanele asho ukuthi ufuna ikhophi yerekhodi yini noma ufuna ukuza azolibheka ehhovisi lesikhungo somphakathi (PSC/OPSC). Noma-ke, uma irekhodi kungesiwo umbhalo osephepheni, ungabhekwa efomini eliceliwe, uma kwenzeka.
Uma umuntu ecela irekhodi ngesimo esithile (isib. ikhophi yephepha, ikhophi ye-elekhtronikhi, njll) kufanele alithole ngaleso simo alicela ngaso, ngaphandle uma ukwenza njalo kuyophazamisa ngokungenangqondo ukusebenza kwesikhungo esithintekayo (PSC/OPSC), noma kulimaze irekhodi, noma kuphazamise ilungelo lokushicilela okungesilo elikahulumeni. Uma ngenxa yezizathu ezizwakalayo ukutholakala kwerekhodi kungeze kwanikezwa ngesimo leso ocelayo asifunayo kodwa linikezwe ngesinye isimo, ngakho-ke imali kufanele ibalwe ngokwale ndlela ocelayo aqale wacela ngayo.
Uma ngaphezu kwempendulo ebhaliwe esicelweni serekhodi, ocelayo efuna ukutshelwa ngesinqumo ngenye indlela, isib. ucingo, lokhu kufanele kukhonjiswe.
Uma umuntu ocela ulwazi ecelela omunye umuntu, kufanele akhombise ukuthi umcelela ngaphansi kwaliphi igunya lokusebenza.
Uma ocelayo engakwazi ukufunda noma ukubhala, noma ekhubazekile, isicelo kufanele-ke senziwe ngomlomo. Umsebenzi wezokwazisa kufanele agcwalise ifomu lowo muntu ocelayo bese emnikeza ikhophi yefomu egcwalisiwe.
Kunezinhlobo ezimbili zezimali okufanele zikhokhwe ngokomthetho, yilezi: imali yesicelo kanye nemali yokutholakala kolwazi (yokwaziswa ngesinqumo sokuvunywa kokutholakala).
Umuntu ocela ukuthola irekhodi elinolwazi ngaye akudingeki ukuthi akhokhe imali yesicelo. Omunye nomunye umceli kufanele ayikhokhe imali yokucela engama-R35 (ekhokhwa ezikhungweni zomphakathi).
Umsebenzi wezokwazisa kufanele azise ocelayo (ngaphandle kocela okuqondene naye) ngesaziso, esidinga ukuthi ocelayo akhokhe imali yokucela enqunyiwe (uma ikhona) bese eyidiphozitha (uma ikhona) ngaphambi kokuba sisetshenzwe isicelo.
Ocelayo angafaka isikhalo sangaphakathi, lapho sifanele khona, noma isicelo enkantolo ephikisana nethenda noma nokukhokhwa kwemali yokucela.
Emva kokuba umsebenzi wezokwazisa esenze isinqumo ngesicelo, kufanele ocelayo aziswe ngaleso sinqumo ngendlela afune ukwaziswa ngayo.
Uma ocelayo enikeziwe kufanele kukhokhwe enye imali yokukhishwa kanye nokufunwa nokulungiswa kwanoma yisiphi isikhathi esishiwo esingaphezulu kwamahora ashiwo okufuna kanye nokulungisela irekhodi ukuthi lidalulwe.
Ukutholakala kwerekhodi kuyogodlwa kuze kube ocelayo useyikhokhe yonke imali efunekayo.
Imisebenzi ye- PSC/OPSC, njengoba kushiwo ku-1, ingale ndlela yokuthi amaklayenti ayo isiShayamthetho sikaZwelonke, iziShayamthetho zezifundazwe, neminye iminyango kaHulumeni kanye nezikhungo/izinhlangano zomphakathi futhi aziyenzi noma imiphi imisebenzi etholakalayo emphakathini. Kodwa-ke olunye ulwazi ngemisebenzi kaHulumeni, njengesikhundla semisebenzi kahulumeni kanye nocwaningo lokwaneliseka kwezakhamuzi ngemisebenzi kaHulumeni, kungatholakala Emisebenzini Yokuxhumana Nokwazisa: Bend@opsc.gov.za.
I-PSC iqapha futhi ihlole izinhlelo zemisebenzi kaHulumeni ngenhloso yokunikezela izeluleko, nalapho kudingeka khona yenze uphenyo lokuthola izindlela zokwenza ngcono komsebenzi emisebenzini kaHulumeni.
ukuhlola ukusebenza kwenhlangano kanye nokuhlela ukunikeza izeluleko ezinhlokweni zeminyango kanye nabaholi bezepolitiki ukuthi lezi zindawo ezimbili zingenziwa kanjani ngcono; kanye nokuhlolwa kwezinhlelo nezindlela ezibandakanya ukuhlola okujulile kokufaneleka kwezinhlelo nezindlela, impumelelo nokusebenza kahle kwezinhlelo nezindlela kanjalo nokulungisa kanye nokwenza izinhlelo nezindlela.
I-PSC yenza ukuhlola okuningi okwahlukene okuvela okuphelela emibikweni eyethulwa kusiShayamthetho sikaZwelonke, Isishayamthetho sezifundazwe, kanye neminyango ngayinye.
Noma nini lapho kudingeka, i-PSC iza nemithetho kanye neziqondiso ezingasiza ukwenza ngcono ukubusa kanye/noma ukwenziwa komsebenzi emisebenzini kaHulumeni. Kwesinye isikhathi imithetho ekhona kanye neziqondiso/nezinqubomgomo ziyabukezwa ukuthi zifaneleke ezinguqukweni zemisebenzi/zokuhlela emisebenzini kaHulumeni.
Zikhona lezi zinqubo ezilandelayo ukuthi abantu babike noma balungise izenzo ezisemthethweni okuthiwa azilungile, azifanele noma azilandeli umthetho noma zeqiwe i-PSC/OPSC noma esinye sezisebenzi zayo.
Amakhambi ezenzweni noma ekwehlulekeni ukuthatha izinyathelo ngokomthetho Wokukhuthaza Ukutholakala Kolwazi: isiphathimandla sokudlulisa izikhalo ngaphakathi ngenhloso yalo Mthetho Usihlalo weKhomishini Yemisebenzi Kahulumeni (isigaba 74 - 77). Emva kokusebenzisa onke amakhambi okukhalaza angaphakathi, kungafakwa isicelo enkantolo (isigaba 78 - 82).
Umsebenzi kaHulumeni angafaka isikhalo noma ukukhononda ukuthi kuphenywe iKhomishini Yemisebenzi Kahulumeni maqondana nesenzo esisemthethweni noma ukweqiwa kwaso (isigaba 35 soMthetho Wemisebenzi Kahulumeni, 1994). Imithetho yokuthi usifaka kanjani isikhalazo/ukukhononda yashicilelwa kuGazethi kaHulumeni 23635 yomhla ka-19 Julayi 2002.
Umuntu angafaka isikhalazo kumhloli wemisebenzi maqondana nanoma yikuphi ukuphazanyiswa kweMithetho Eyisisekelo yoMthetho Wezemisebenzi, 1997 Umthetho No. 75 ka-1997 - isigaba 781a, noma Umthetho Wokulingana Emsebenzini, 1998 Umthetho No. 55 ka-1998 - isigaba 34e.
Umuntu angafaka isikhalazo kuMvikeli Womphakathi maqondana nesenzo somsebenzi okusolwa sengathi asikho emthethweni noma esingalungile noma ukweqiwa Umthethosisekelo kanye noMthetho Womvikeli Womphakathi, 1994 Umthetho No. 23 ka-1994.
Ukuze uvikeleke ekujezisweni ngenxa yokudalula okuqondene nokuziphatha okungekho emthethweni noma okungalungile komqashi noma omunye osebenza naye, lowo muntu angalandela izinqubo zokudalula kuMthetho Wokudalula Okuvikelekile, 2000 (Umthetho No. 26 ka-2000).
Ukusetshenziswa kwezinye izixazululo zomthetho ezinjengezinqubo zesikhungo zokubukeza komthetho kwesenzo sokuphatha ngokomthetho Wokukhuthaza Ubulungiswa Bokuphatha, 2000 (Umthetho No. 3 ka-2000).
Umuntu angacela izizathu zesenzo sokuphatha ngokoMthetho Wokukhuthaza Ubulungiswa Bokuphatha, 2000 (isigaba 5).
Umuntu angacela ukuthola amarekhodi omnyango kaHulumeni noma esinye isigungu somphakathi ngokoMthetho Wokukhuthaza Ukutholakala Kolwazi, 2000 (isigaba 11).
Umsebenzi wemisebenzi kaHulumeni, ekwenzeni imisebenzi yakhe, unesibopho ngokoMthetho Wokuziphatha kwabasebenzi bakahulumeni ukubika kuziphathimandla ezifanele, ukukhwabanisa, inkohlakalo, ukuqasha ngokobuhlobo, ukungaphathi kahle kanye nezinye izenzo eziyicala noma ezibandlululayo kulokho okuthandwa umphakathi. Umsebenzi ohlulekayo ukuhambisana nalokhu, unecala lokungaziphathi kahle. (Izimiso zomthetho B.3 kanye ne-C.4.10 yeSahluko 2 yeZimiso Zomthetho Zomsebenzi Kahulumeni, 2001).
Umsebenzi wawo wonke umqashi kanye nomsebenzi wokudalula ubugebengu kanye nanoma yikuphi ukuziphatha okungalungile emsebenzini nakho kuqinisa Umthetho Wokudalula Okuvikelekile, 2000 (Isendlalelo).
Imisebenzi yeKhomishini Yemisebenzi Kahulumeni (ezepolitiki) kanye neHhovisi leKhomishini Yemisebenzi Kahulumeni (elokuphatha) ahlangene kakhulu ngezinhloso zalo Mthetho, i-PSC kanye ne-OPSC zingeze zabukwa njengezikhungo ezahlukene. Kahle hle, i-OPSC iyingalo yomsebenzi wokweseka ye-PSC kanti ngokunjalo-ke, angeke zize zibonwe njengezikhungo zikahulumeni ezahlukene okufanele zihloniphe amalungiselelo eSigaba 14 (a) somthetho.
